|
Izinkantolo zakwamanye amazwe ngeke zisebenzise umthetho wase-California kwenzinye izingxabano. Uma uhlala kwelinye lalawo mazwe, lapho khona ungasebenzi umthetho wase-California, kuyosebenza owasezweni lakho ezimpikiswaneni ezihlobene nalemibandela. Kungenjalo uyavuma ukuthi umthetho wase-California, e-U.S.A., ubekwa eceleni uthetho wase-California wemithetho, uyosebenza kunoma iyiphi impikiswane engenxa noma ehlobene nalemibandela noma Uhlelo. Nakanjalo, uma izinkantolo ezweni lakho zingakuvumeli ukuthi uvumelane nokwahlulelwa kanye nendawo yezinkantolo ezise Santa Clara, County, e-California, e-U.S.A,ukwahlulelwa kwasendaweni yangakini kanye nendawo kuyosebenza kulezo zimpikiswano kulemibandela. Kungenjalo, konke ukumangala okungenxa noma okuhlobene nalemibandela noma uhlelo kuyokwahlulelwa eceleni ezinkantolo zomthetho wezwe lwase-Santa Clara County, e-California, e-USA kanti futhi wena no-Google niyovumelana ekuhlulelweni kwabantu kelezo zinkantolo.
|