|
Ziningi izindlela ongasebenzisa ngazo izinhlelo zethu – ukucinga kanye nokwabelana ngolwazi, ukuxhumana nabanye abantu noma ukwenza izinto ezintsha. Uma wabelana ngolwazi nathi, isibonelo ngokwakha i-akhawunti yakwa-Googlesingenza lezo zinhlelo zibe ngcono – ukukukhombisa imiphumela yokucinga ehambisana kangcono nokucingayo kanye nezikhangiso, ukukusiza uxhumane nabantu noma ukwenza ukwabelana nabantu kusheshe futhi kube lula. Njengoba usebenzisa izinhlelo zethu, sifuna ukuthi ucacelwe ukuthi silusebenzisa kanjani ulwazi nanokuthi ungabuvikela kanjani ubumfihlo bakho.
|